Zigcine uphephile njengomuntu omusha kuYouTube

Abantu abasha bayingxenye ebalulekile yomphakathi we-YouTube. Uma ungumuntu omusha, sebenzisa amathuluzi namacebiso angezansi ukuzigcina uphephile ku-YouTube.

Phawula: Ukuze usungule i-Google Account, kumelwe uhlangabezane nezimfuneko zeminyaka yokuqala ezweni/esifundeni sakho.

Uma unguthisha noma umzali, iya kuzinsiza zomzali kanye nezinsiza zikathisha. Ngemininingwane eyengeziwe mayelana nokuphepha ku-inthanethi, funda Amathiphu e-Google Okuphepha Ku-Inthanethi.

Amathiphu okuphepha abantu abasha

  • Yazi ukuthi hlobo luni lokuqukethwe okumelwe ulithwebule. Uma uthwebula amavidiyo abangane bakho, ofunda nabo ekilasini, noma abanye abancane, khumbula ukuthi akumelwe kube awezenzo zenkanuko, anodlame, noma ayingozi.

  • Khumbula "Isimiso Esidala." Ingabe ividiyo ingokuthile ongathanda ugogo nomkhulu, abazali, umqashi wakho wesikhathi esizayo akubuke? Uma kungenjalo, kungenzeka kungabi umqondo omuhle ukuthi ukuthumele. Ngemuva kokuphosta ividiyo, angeke wazi ukuthi ubani okungenzeka ayibukele. Uma ividiyo ikopishwa noma iphinde ithunyelwa futhi, angeke usakwazi ukususa wonke amakhophi ayo.

  • Gwema izimo eziyingozi noma ezingakukhululi. Ungathumeli okuthile ngoba nje othile ukucele ukuthi ukuthumele. Khuluma nomuntu omdala omethembayo ngaphambi kokuzama ukuhlangana nongane omthole ku-inthanethi.

  • Sebenzisa isakhi sethu sobumfihlo. I-YouTube inezakhi zokukusiza ulinganisele ukuthi obani abangabona amavidiyo owafakayo. Ukuze usize ekuvikeleni ubumfihlo bakho, ungasetha amavidiyo akho siqu abe "agodliwe" noma "angafakwanga ohlwini". Ukuze ulawula okuhlangenwe nakho kwakho ku-YouTube, vakashela isikhungo sokuphepha Nobumfihlo.

  • Ukuze ufunde amathiphu nokubukela amavidiyo angakusiza uzizwe uphephile kuYouTube, hlola Isikhungo Sokuphepha Sabadali.
Uma ungathanda ukusungula kuYouTube, hlola lawa Macebiso Entshsa ukuze uthole ulwazi olwengeziwe mayelana nendlela yokwenza okuqukethwe ngokuzibophezela nangokuphephile ku-inthanethi. Lo mhlahlandlela usungulwe ngokubambisana Namanethiwekhi eCommon Sense, uzakwethu weCommon Sense Media.
Uma uhlangabezana nokuhlukunyezwa, ukusongelwa, ukuzenza ongeyena, noma ubuxhwanguxhwangu, bika isiteshi. Uma uthola okuqukethwe okungafaneleki, kubike.

Izinsiza ezihambisanayo

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
16606621135666291932
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false