Izimbuyiselo ze-YouTube Premium ne-Music Premium

Funda kabanzi mayelana nezinqubomgomo zembuyiselo futhi ucele imbuyiselo yobulungu bakho be-YouTube Premium noma be-YouTube Music Premium.
Uma unobulungu obusebenzayo obukhokhelwayo, ngena ngemvume ukuze ucele imbuyiselo.
Ingabe ufuna imbuyiselo yobulungu besiteshi? Ubulungu besiteshi buhlukile ebulungwini be-YouTube Premium kanye ne-YouTube Music Premium. Ungakwazi nokuhloa indlela okhokhiswa ngayo, ucele ukubuyiselwa imali nge-Google Play noma uxhumane nosekelo lwe-Apple

Cela imbuyiselo yobulungu be-YouTube Premium

Izinqubomgomo zembuyiselo ye-YouTube Premium ne-Music Premium

Ungakhansela ubulungu obukhokhelwayo be-YouTube noma nini. Ukukhansela kuzovala ukuvuselela okuzenzakalelayo kobulungu bakho. Uma usukhansele, ngeke uphinde ukhokhiswe, futhi izinzuzo zakho zizoqhubeka kuze kube sekupheleni komjikelezo wokukhokha. Ngeke ubuyiselwe imali yesikhathi  esiphakathi kokkuhansela nalapho ubulungu bakho buphela.

Uma ukubuyiselwa kwemali sekucutshunguliwe, ngeke usakwazi ukusebenzisa izinzuzo zakho. Ngeke futhi ukhokhiswe ngaphandle kwalapho uma unquma ukuvuselela ubulungu bakho.

Uma amavidiyo noma izakhi ezihlobene nokuthenga kwakho ku-YouTube zingasebenzi, ungase ufanelekele ukubuyiselwa imali. Uma isicelo sembuyiselo samukelwa, sizosusa ukufinyelela ebulungwini bakho be-Premium futhi imali yakho izobuyiselwa phakathi nezikhathi zokubuyiselwa kwemali ezifakwe ohlwini lapha.

  • Ngokukhokhiswa kwe-Google Play, ngeke ukwazi ukumisa ubulungu bakho kwesikhashana. Kunalokho, ungakhansela ubulungu bakho bese ubhalisa futhi noma kunini. Ukuze uqonde ukuthi ukhokhiswa kanjani, vakashela ku-payments.google.com. Uma ufuna ukukhansela ubulungu bakho obukhokhelwayo be-YouTube ngokushesha futhi uthole imbuyiselo, xhumana nethimba labasekeli be-YouTube.
  • Izimbuyiselo azitholakali ezinhlelweni ezisetshenziswe kancane. Uma uthenge Uhlelo Lonyaka noma olunye uhlelo olukhokhelwe kusengaphambili futhi ufisa ukushintshela ohlelweni oluphindayo lwenyanga, ungakwenza lokho ngokulandela lezi zinyathelo

  • Ukuthenga ku-YouTube okwenziwa ngesitolo se-Apple kudinga ukugunyazwa yi-Apple futhi kungaphansi kwezinqubomgomo zembuyiselo yakwa-Apple. Xhumana nosekelo lwe-Apple ukuze ucele imbuyiselo yobulungu bakho.
 

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
9901951167578070380
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false