Nikela inhlangano engenzi nzuzo nge-YouTube Giving

I-YouTube Giving iklanyelwe ukusiza ukuqinisa indlela abasunguli nabalandeli abahlanganyela ngayo ekupheni abampofu ku-YouTube. Amanye amavidiyo nokusakaza bukhoma kukunikeza inketho yokunikela enhlanganweni engenzi nzuzo esekelwa umsunguli wevidiyo.

I-YouTube ikhokha izinkokhelo zomsebenzi, ngakho u-100% wemali oyinikelayo uya enhlanganweni yokungenzi inzuzo efanelekayo. Iminikelo yezinhlangano ezingenzi-nzuzo ayibuyi. Funda i-FAQs yethu ye-YouTube Giving ukuze uthole ulwazi olwengeziwe.

Indlela yokunikela

Inkinobho yokunikela

Abanye abasunguli banezinkinobho zokunikela eziboniswe eduze kwamavidiyo abo nokusakaza bukhoma. Ukuze unikele, landela izinyathelo ezingezansi.

Yiya kuvidiyo enenkinobho yokunikela kuyo, bese:

  1. Khetha okuthi NIKELA.
  2. Khetha inani lemali ofuna ukulinikela bese QHUBEKA.
  3. Khetha indlela yakho yokukhokha
  4. Chofoza okuthi NIKELA bese KWENZIWE.

Inhlangano yokngenzi nzuzo kanye nommsunguli we-YouTube ngeke babone ulwazi lwakho lomuntu siqu.

Uzothola irisidi ethunyelwe kuwe nge-imeyili ngemva kokuba inkokhelo yakho isicutshunguliwe.

Iminikelo Yengxoxo Ebukhoma

Iminikelo Yengxoxo Ebukhoma ithathe indawo ye-Super Chat for Good ngeminikelo yengxoxo ebukhoma. Uma umsunguli eqokelela imali ngokusakaza bukhoma futhi evule ingxoxo ebukhoma, uzobona inkinobho ethi Nikela engxoxweni.

Ukuze unikele:

  1. Khetha okuthi Nikela engxoxweni ebukhoma. Amadivayisi eselula kufanele abe kumodi yokuma ngobude ukuze abone ingxoxo ebukhoma.
  2. Khetha inani lomnikelo noma khetha Okunye ukuze ufake inani elihlukile.
  3. Khetha ukuthi ngifuna umnikelo wami ube sesidlangalaleni ukuze ubonise igama lakho lomsebenzisi engxoxweni ebukhoma. Uma kungenjalo, inani lomnikelo wakho lizobonakala njengokuthi “Okungaziwa.”
  4. Khetha okuthi NIKELA.
  5. Ukuze uqedele umnikelo wakho, landela imiyalelo ekusikrini.
Qaphela: Uma ungafuni ukuthi igama lakho lomsebenzisi libonakale eduze komnikelo wakho, susa ukumaka ibhokisi eliseduze nokuthi ngifuna umnikelo wami ube esidlangalaleni.

Uzothola irisidi othunyelwe yona nge-imeyili ngemva kokuba inkokhelo yakho isicutshunguliwe.

Ulwazi lwentela mayelana nomnikelo wakho

Funda mayelana nolwazi lwentela Esikhungweni Sosizo Seminikelo.

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
17475654878610702260
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false