Uma sisusa okuqukethwe kwakho ngenxa yokwephula Izinkombandlela Zomphakathi, ungase unikezwe isimangalo. Izimangalo zikhishwa uma okuqukethwe ku-YouTube kumakelwe ukubuyekezwa, kungaba amalungu omphakathi we-YouTube noma ubuchwepheshe bethu bokubona, futhi amathimba ethu abuyekezayo ayanquma ukuthi akuzilandeli Izinkombandlela zethu Zomphakathi. Uma isiteshi sakho sithola isimangalo, uzothola i-imeyili, izaziso kuselula nekhompyutha, kanye nesexwayiso kumasethingi esiteshi sakho ngokuzayo uma ungena ngemvume ku-YouTube.
Ngaphambi kokuthi uqale, buyekeza inqubomgomo ehlobene nesimangalo. Futhi siklelisa izibonelo zokuqukethwe okuholela esimangalweni Sezinkombandlela Zomphakathi. Ungafaka isikhalazo izinsuku ezingama-90 kuphela ngemva kokukhishwa kwesexwayiso noma isimangalo.
- Ngena ngemvume ku-YouTube Studio.
- KuMenyu engakwesokunxele, chofoza Okuqukethwe.
- Yiya kuvidiyo ofuna ukuyikhalaza.
- Ngaphansi kwekholomu ethi "Imikhawulo", hambisa i-cursor yakho phezu kohlobo lokukhawulela bese uchofoza Isikhalazo.
- Faka isizathu sakho sokufaka isikhalazo bese uchofoza okuthi Thumela.
Uma kuwuhlu lokudlalayo noma isithonjana:
Uzothola i-imeyili uma uhlu lwakho lokudlalayo noma isithonjana sisusiwe ngenxa yokwephula Izinkombandlela Zomphakathi. Uma ucabanga ukuthi okuqukethwe kwakho akuzephuli Izinkombandlela Zomphakathi futhi kususwe ngephutha, sebenzisa ifomu elinikezwe ku-imeyili ukuze ukhalaze.
Uma uthole isimangalo Sezinkombandlela Zomphakathi ngamalinki okuqukethwe kwakho, qiniseka ukuthi uyayazi inqubomgomo yethu nenqubo yezikhalazo ngamalinki okuqukethwe kwakho.
Khalaza ngesimangalo Sezinkombandlela Zomphakathi
Uma sisusa okuqukethwe kwakho ngenxa yokwephula Izinkombandlela Zomphakathi, ungase unikezwe isimangalo. Izimangalo zikhishwa uma okuqukethwe ku-YouTube kumakelwe ukubuyekezwa, kungaba amalungu omphakathi we-YouTube noma ubuchwepheshe bethu bokubona, futhi amathimba ethu abuyekezayo ayanquma ukuthi akuzilandeli Izinkombandlela zethu Zomphakathi. Uma isiteshi sakho sithola isimangalo, uzothola i-imeyili, izaziso kuselula nekhompyutha, kanye nesexwayiso kumasethingi esiteshi sakho ngokuzayo uma ungena ngemvume ku-YouTube.
Ngaphambi kokuthi uqale, buyekeza inqubomgomo ehlobene nesimangalo. Futhi siklelisa izibonelo zokuqukethwe okuholela esimangalweni Sezinkombandlela Zomphakathi. Ungafaka isikhalazo izinsuku ezingama-90 kuphela ngemva kokukhishwa kwesexwayiso noma isimangalo.
Faka isikhalazo ngesimangalo
- Yiya kuDeshibhodi yakho ku-YouTube Studio.
- Khetha ikhadi lokwephulwa Kwesiteshi.
- Khetha ISIKHALAZO.
Uma uthole isimangalo Sezinkombandlela Zomphakathi ngamalinki okuqukethwe kwakho, qiniseka ukuthi uyayazi inqubomgomo yethu nenqubo yezikhalazo ngamalinki okuqukethwe kwakho.
Uma kuwuhlu lokudlalayo noma isithonjana:
Uzothola i-imeyili uma uhlu lwakho lokudlalalyo noma isithonjana sisusiwe ngenxa yokwephula Izinkombandlela Zomphakathi. Uma ucabanga ukuthi okuqukethwe kwakho akuzephuli Izinkombandlela Zomphakathi futhi kususwe ngephutha, sebenzisa ifomu elinikezwe ku-imeyili ukuze ukhalaze.
Ngemva kokuhambisa kwakho isikhalazo
Uzothola i-imeyili evela ku-YouTube ekwazisa ngomphumela wesicelo sakho sesikhalazo. Kuzokwenzeka okukodwa kwalokho okulandelayo:
- Uma sithola ukuthi okuqukethwe kwakho kulandele Izinkombandlela Zomphakathi, sizokubuyisela futhi sisuse isimangalo esiteshini sakho. Uma ukhalaza ngesixwayiso futhi isikhalazo samukelwe, icala elilandelayo lizoba yisixwayiso.
- Uma sithola ukuthi okuqukethwe kwakho kulandele Izinkombandlela Zomphakathi, kodwa kungazifanele zonke izithameli, sizosebenzisa ukukhawulelwa kobudala. Uma kuyividiyo, ngeke ibonakale kubasebenzisi abaphume ngemvume, abangaphansi kweminyaka eyi-18 ubudala, noma Abanemodi Ekhawulelwe evuliwe. Uma kuyisithonjana sangokwezifiso, sizosuswa.
- Uma sithola ukuthi okuqukethwe kwakho kwephula Izinkombandlela Zomphakathi, isimangalo sizohlala futhi ividiyo izolokhu yehlisiwe kusayithi. Ayikho inhlawulo eyengeziwe yezikhalazo ezinqatshiwe.
Ungakhalaza ngesimangalo ngasinye kanye nje kuphela.