Izibuyekezo nezindali ze-YouTube Premium ne-Music Premium

Sebenzisa lesi sihloko ukuze uhlale unolwazi lwakamuva ngayo yonke imititilizo yakamuva nezibuyekezo zobulungu bakho be-YouTube Premium noma be-YouTube Music Premium. Funda kabanzi mayelana ne-YouTube (enezikhangiso) lapha.

Izibuyekezo zakamuva

Izibuyekezo ezisuka kumaviki ama-2 adlule

  • Lalela iYouTube Music kumawashi asmathi eGarmin:: Uma uyilungu leYouTube Music Premium noma ilungu leYouTube Premium, ungalalela umculo odawunilodiwe nama-podcast kumawashi asmathi eGarmin asekelwayo. Funda kabanzi.
  • Ubulungu bomndeni nesitshudeni buyatholakala ukuba buthengwe e-Israel: Ubulungu be-Premium ne-Music Premiumbomndeni kanye nesitshudeni manje buyatholakala ukuba buthengwe e-Israel. Ungajabulela izinzuzo zakho namanye amalungu afika kwama-5 ekhaya lakho usebenzisa uhlelo lomndeni. Uma ungumfundi, ungajabulela izinzuzo zakho ngenani lesaphulelo. Nge-Premium, ungabukela i-YouTube ngaphandle kwezikhangiso, ujabulele umculo ongenamkhawulo ku-app ye-YouTube Music, ulondoloze amavidiyo ungaxhumile ku-inthanethi, kanye nokuningi. Nge-Music Premium, ungalalela umculo ongenazikhangiso, ungaxhunyiwe ku-inthanethi futhi isikrini sakho sivaliwe ku-app ye-YouTube Music. Bhalisela i-Premium noma okuthi Music Premium, futhi ufunde kabanzi ngezinzuzo ze-Premium kanye nezinzuzo ze-Music Premium.

Izibuyekezo zokwangaphambilini

Izibuyekezo ezisuka ezinyangeni ezingu-6 ezedlule

Mashi 2024

  • I-YouTube Premium ne-YouTube Music Premium iyatholakala emazweni/ezifundeni ezintsha: I-YouTube Premium ne-YouTube Music Premium manje isiyatholakala kubasebenzisi e-Azerbaijan, e-Jamaica, e-Kazakhstan, e-Libya, e-Morocco, e-Réunion, e-Tanzania, e-Uganda, e-Yemen, nase-Zimbabwe. Nge-Premium, ungabukela i-YouTube ngaphandle kwezikhangiso, ujabulele umculo ongenamkhawulo ku-app ye-YouTube Music, ulondoloze amavidiyo ungaxhumile ku-inthanethi, kanye nokuningi. Nge-Music Premium, ungalalela umculo ongenazikhangiso, ungaxhunyiwe ku-inthanethi futhi isikrini sakho sivaliwe ku-app ye-YouTube Music. Bhalisela i-Premium noma i-Music Premium, futhi ufunde okwengeziwe ngezinzuzo ze-Premium kanye nezinzuzo ze-Music Premium.

Disemba 2023

  • Isibuyekezo sentengo yobulungu e-South Korea: Ukusuka ngomhla ka 8 Disemba 2023 KST, izintengo ze-YouTube Premium kanye ne-YouTube Music Premium zizokwenyuka. Asizenzi lezi zinqumo kalula, futhi lesi sibuyekezo sizosivumela ukuthi siqhubeke nokuthuthukisa i-Premium futhi sisekele abasunguli namaciko owabuka ku-YouTube. Amalungu akhona kakade azothola inani lanyangazonke lawo elisha emjikelezweni wokukhokha wabo olandelayo Ukuze uthole intengo yakho yamanje noma uqonde ukuthi ukhokhiswa kanjani, iya ekhasini elithi Ukuthenga Nobulungu ku-akhawunti yakho. Funda kabanzi ngalolu shintsho lwentengo lapha.
  • I-YouTube Premium kanye ne-YouTube Music Premium etholakala emazweni/ezifundeni ezitsha: I-YouTube Premium kanye YouTube Music Premium manje isiyatholakala kubasebenzisi e-Algeria, Cambodia, Georgia, Ghana, Iraq, Jordan, Kenya, Laos, Tunisia, nase-Senegal. Nge-Premium, ungabukela i-YouTube ngaphandle kwezikhangiso, ujabulele umculo ongenamkhawulo ku-app ye-YouTube Music, ulondoloze amavidiyo ungaxhumile ku-inthanethi, kanye nokuningi. Nge-Music Premium, ungalalela umculo ongenazikhangiso, ungaxhumile ku-inthanethi futhi isikrini sakho sivaliwe. Bhalisela i-Premium noma i-Music Premium, futhi ufunde okwengeziwe ngezinzuzo ze-Premium kanye nezinzuzo ze-Music Premium.

Novemba 2023

  • Bheka izakhi zethu ezintsha ze-Premium: Ukusuka ekufinyeleleni okungaphambi kwesikhathi ukuya ezakhini zokuhlola ezixhaswe yi-AI, ukuya ekulawuleni okwengeziwe ewashini lakho, ukuya kokungaphandle kwezikhangiso, ungaxhunyiwe ku-inthanethi, ukudlala ngemuva nokulalela umculo okungaphazamiseki, nazi ezinye izakhi zakamuva ze-Premium zabasebenzisi abangochwepheshe - okuhlanganisa nezibuyekezo ezintsha ozenzayo. ungazama namuhla. Funda kabanzi ngakho kubhulogi yethu.
  • Ukubuyekezwa kwentengo yobulungu e-Argentina, e-Australia, e-Austria, e-Chile, e-Germany, e-Poland, nase-Turkey: Ukusuka ngomhla ka-1 Novemba 2023, intengo yobulungu be-YouTube Premium ne-YouTube Music Premium bomuntu ngamunye, bomndeni, kanye nobesitshudeni buzokwenyuka. E-Germany nase-Turkey nakhona sizokwenyusa izintengo zezinhlelo zonyaka. Asizithathi kalula lezi zinqumo, futhi lokhu kubuyekezwa kuzosivumela ukuthi siqhubeke nokuthuthukisa i-Premium ne-Music Premium futhi sisekele abasunguli kanye namaciko owabukelayo nowalalelayo ku-YouTube. Amalungu akhona kakade azothola inani lanyangazonke lawo elisha emjikelezweni wokukhokha wabo olandelayo Ukuze uthole intengo yamanje noma ukuze uqonde ukuthi ukhokhiswa kanjani, iya ekhasini elithi Ukuthenga kanye Nobulungu ku-akhawunti yakho. Funda kabanzi mayelana noshintsho lwentengo yemikhiqizo yezinkokhelo ze-YouTube lapha.

Okthoba 2023

  • Lalela i-YouTube Music ku-HomePod ne-Fitbit:Uma uyilungu le-YouTube Music Premium noma le-YouTube Premium, ungalalela umculo odawunilodiwe nama-podcast kuma-Fitbits asekelwayo nama-Apple HomePod. Funda kabanzi.

Septhemba 2023

  • Lalela ama-podcast ku-YouTube Music: Uma use-Europe, e-Middle East, noma e-Afrika, ama-podcast aseyatholakala ku-app ye-YouTube Music. Thola ama-podcast owathandayo futhi uwalalele ngemuva, ngale kwesimo sakho sobulungu. Funda indlela yokuthola ama-podcast ku-YouTube Music.
  • Lalela ama-podcast ku-YouTube Music: Uma use-Canada, e-Latin America, e-Asia, noma kuma-Pacific Island, ama-podcast aseyatholakala ku-app ye-YouTube Music. Thola ama-podcast owathandayo futhi uwalalele ngemuva, ngokunganaki isimo sakho sobulungu. Funda indlela yokuthola ama-podcast ku-YouTube Music.
  • Bukela amavidiyo ngo-1080p Premium: Nge-YouTube Premium, ungabukela amavidiyo ngo-1080p Premium kukhompyutha, i-TV, kanye namadivayisi eselula.  Funda kabanzi mayelana nendlela yokushintsha ikhwalithi yevidiyo yakho lapha.

Julayi 2023

IYouTube Premium iyatholakala emazweni/ezifundeni ezintsha: I-YouTube Premium isiyatholakala kubasebenzisi baseBangladesh, eNepal, ePakistan naseSri Lanka. NgePremium, ungabuka iYouTube ngaphandle kwezikhangiso, ujabulele umculo ongenamkhawulo ku-app yeYouTube Music, ulondoloze amavidiyo ungaxhunyiwe ku-inthanethi, nokuningi. Bhalisela i-YouTube Premium noma funda kabanzi mayelana nezinzuzo ze-Premium.

Ephreli 2023

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
977887219068973952
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false