Izahluko Zevidiyo

Izahluko Zevidiyo zihlukanisa ividiyo ngokwezigaba, ngasinye esinengxenye yaso yokubuka kuqala. Izahluko zevidiyo zengeza ulwazi nomongo engxenyeni ngayinye yevidiyo futhi zenza ukuthi ukwazi kalula ukuphinde ubuke izingxenye ezihlukile zevidiyo. Abasunguli bangakwazi ukwengeza izahluko zabo zevidiyo kuvidiyo ngayinye elayishiwe noma bancike ezahlukweni zevidiyo ezizenzekelayo. Izahluko zingase zivele kokulotshiwe. Abasunguli bangakhetha ukuphuma noma nini ezahlukweni zevidiyo ezizenzekelayo ku-YouTube Studio.

Qaphela: Akuwona wonke amavidiyo afanelekela izahluko ezizenzekelayo, futhi akuwona wona amavidiyo afanelekayo azoba nezahluko ezizenzekelayo. Uma isiteshi sinezimangalo ezikhona, noma uma okuqukethwe kungenzeka kungafaneleki kwezinye izibukeli, isakhi sezahluko zevidiyo ngeke sitholakale.

How to Add Chapters to Your Videos Using Timestamps

Ukwengeza ezakho izahluko zevidiyo:

  1. Ngena ngemvume ku-YouTube Studio.
  2. Kumenyu yakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
  3. Chofoza ividiyo ongathanda ukuyihlela.
  4. Kokuthi Incazelo, yengeza uhlu lwezitembu zesikhathi kanye nezihloko.
    • Qinisekisa ukuthi isitembu sesikhathi sokuqala osifaka ohlwini siqala ngo-00:00. 
    • Ividiyo yakho kufanele ibe okungenani nezitembu zesikhathi ezintathu ezihlelwe ngokulandelana okukhuphukayo.
    • Ubude bezahluko zevidiyo abubi ngaphansi kwemizuzwana engu-10.

 5. Chofoza okuthi LONDOLOZA.

Qaphela: Lokhu okukhethwa kukho kuzokhipha izahluko zevidiyo ezizenzekelayo.

Ukuze usebenzise izahluko zevidiyo ezizenzekelayo:

  1. Ngena ngemvume ku-YouTube Studio.
  2. Kumenyu yakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
  3. Chofoza ividiyo ongathanda ukuyihlela.
  4. Chofoza okuthi BONISA OKWENGEZIWE bese ngaphansi kokuthi Izahluko Ezizenzekelayo ukhetha okuthi “Vumela izahluko ezizenzekelayo nezikhathi ezisemqoka (uma zitholakala futhi kufaneleka)”. Ngokuzenzakalelayo, leli bhokisi lizofakwa umaka kukho konke okulayishwayo okusha. Ungakwazi nokuvumela izahluko zevidiyo ezizenzekelayo kwayinqwaba.
  5. Chofoza okuthi LONDOLOZA.
Qaphela: Akuwona wonke amavidiyo afanelekela izahluko ezizenzekelayo, futhi akuwona wona amavidiyo afanelekayo azoba nezahluko ezizenzekelayo. Uma isiteshi sinezimangalo ezikhona, noma uma okuqukethwe kungenzeka kungafaneleki kwezinye izibukeli, isakhi sezahluko zevidiyo ngeke sitholakale.

Ukuze ukhethe ukuphuma ekusebenziseni izahluko zevidiyo ezizenzekelayo:

Ukuze ukhethe ukuphuma ezahlukweni zevidiyo ezizenzekelayo kuvidiyo ethile:

  1. Ngena ngemvume ku-YouTube Studio.
  2. Kumenyu yakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
  3. Chofoza ividiyo ongathanda ukuyihlela.
  4. Chofoza okuthi BONISA OKWENGEZIWE bese ngaphansi kokuthi Izahluko Ezizenzekelayo yekisa ukukhetha okuthi “Vumela izahluko ezizenzekelayo (uma zitholakala futhi kufaneleka)".
  5. Chofoza okuthi LONDOLOZA.
Qaphela: Ungakwazi nokukhetha ukuphuma ezahlukweni zevidiyo ezizenzekelayo kwayinqwaba.

Ukuze ukhethe ukuphuma ezahlukweni zevidiyo ezizenzekelayo kuvidiyo ethile:

  1. Ngena ngemvume ku-YouTube Studio.
  2. Chofoza Amasethingi .
  3. Chofoza Layisha okuzenzekelayo.
  4. Chofoza Amasethingi athuthukisiwe, susa ukumaka kokuthi "Vumela izahluko ezizenzekelayo (uma zitholakala futhi kufaneleka)".
  5. Chofoza okuthi LONDOLOZA.

 

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
3384286665200154247
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false