Njengomdali we-YouTube, kudingeka ukuthi usethe amavidiyo wesikhathi esizayo nakhona kakade ngokuthi kwenzelwe izingane noma cha. Ngisho nabasunguli abangenzi okuqukethwe kwezingane kufanele basethe izithameli zabo. Lokhu kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi sinikeza izakhi ezifanelekile kokuqukethwe kwakho.
Important Update for All Creators: Complying with COPPA
Ukuze sikusize uthobele, kunamasethingi ezethameli enzelwe izingane ku-YouTube Studio. Ungasetha izithameli zakho:
- Kuleveli yesiteshi, ezosetha konke okuqukethwe kwakho kwesikhathi esizayo nokukhona kakade njengokwenzelwe izingane noma cha.
- Noma, kuleveli yevidiyo. Uma ukhetha lokhu okukhethwa kukho, kuzodingeka ukuthi usethe ividiyo ngayinye ekhona kakade neyesikhathi esizayo njengeyenzelwe izingane noma cha.
Qaphela:
- Sizokwenza ithuluzi lokukhetha izethameli litholakale ezicelweni zezinkampani zangaphandle kanye Namasevisi e-YouTube API maduze nje. Okwamanje, sicela usebenzise i-YouTube Studio ukuze ulayishe okuqukethwe okwenzelwe izingane.
Okubalulekile: Kungani umsunguli ngamunye kufanele asethe izithimeli zakhe
Lezi zinguquko ziyadingeka njengengxenye yesivumelwano ne-US Federal Trade Commission (i-FTC) Nehhovisi Lommeli Omkhulu lase-NY, futhi zizokusiza ukuba uthobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) kanye/noma eminye imithetho esebenzayo. Noma ngabe ukuphi, sifuna ukuba usitshele ukuthi amavidiyo akho enzelwe izingane noma cha. Uma uhluleka ukusetha izithameli zakho ngendlela enembile ungase ubhekane nezinkinga zokuthobela i-FTC noma ezinye iziphathimandla, futhi singase sithathele i-akhawunti yakho ye-YouTube isinyathelo. Funda kabanzi mayelana nokuphoqelelwa kwe-FTC kwe-COPPA.
- Sisebenzisa ukufunda komshini ukusisiza ukuthi sithole amavidiyo aqondiswe ngokucacile kwizithameli ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngendela eyiyonayona, kodwa singase sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukunyezwa.
- Unganciki ezinhlelweni zethu ukuze usethe izithameli zakho ngoba izinhlelo zethu kungenzeka zingakuboni okuqukethwe yi-FTC noma ezinye iziphathimandla ezikubheka njengokwenzelwe izingane.
- Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
- Amavidiyo asethwe ngokuthi “enzelwe izingane” cishe azonconywa eceleni kwamanye amavidiyo ezingane.
- Uma usuzihlelile vele izithameli zakho zevidiyo yakho futhi i-YouTube ibona iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe njengokuthi “Imiselwe Ukuba Yenzelwe Izingane”. Ngeke ukwazi ukushintsha isethingi yakho yezithameli. Ngicabanga ukuthi senze iphutha, ungafaka isikhalazo.
Setha izithameli zesiteshi sakho
- Ngena ngemvume kokuthi studio.youtube.com (Isitudiyo sewebhu kuphela).
- Kumenyu engakwesobunxele, chofoza Amasethingi.
- Chofoza Isiteshi.
- Chofoza ithebhu ethi Amasethingi Athuthukisiwe.
- Ngaphansi kokuthi Izithameli, khetha:
- "Yebo, setha lesi siteshi njengesenzelwe izingane. Njalo ngilayisha okuqukethwe okwenzelwe izingane."
- "Cha, setha lesi siteshi njengesingenzelwanga izingane. Angilokothi ngilayishe okuqukethwe okwenzelwe izingane."
- "Ngifuna ukubuyekeza le sethingi kuvidiyo ngayinye."
- Chofoza okuthi Londoloza.
Setha izithameli zakho ngesikhathi sokulayisha
- Iya ku-studio.youtube.com. Qaphela: ukuze usethe izithameli zakho zibe kokwenzelwe izingane, kuzodingeka usebenzise i-YouTube Studio. Ngeke ukwazi ukwenza kanjalo ku-Studiyo Sabasunguli Esivamile.
- Ekhoneni elingenhla ngakwesokudla, chofoza isithonjana sokulayisha.
- Chofoza okuthi Layisha ividiyo (beta). Uma ungakuboni lokhu, chofoza okuthi Layisha ividiyo.
- Kuthebhu ethi Ulwazi oluyisisekelo, skrola uye kokuthi Izithameli.
- Khetha:
- "Yebo, kwenzelwe izingane".
- "Cha, akwenzelwe izingane".
- Chofoza Okulandelayo ukuze uqhubeke nokulayisha okuqukethwe kwakho.
Uma usuyilayishile ividiyo yakho, izoba nelebula elithi “Yenzelwe izingane - isethwe nguwe” Ohlwini lokulayishwayo lwakho.
Buyekeza amasethingi ezithameli kumavidiyo akhona
Ungase uphawule ukuthi i-YouTube isisethe amavidiyo athile ngokuthi “enzelwe izingane”. Njengoba ungakabi nethuba lokusetha ukuthi amavidiyo noma isiteshi sakho kwenzelwe izingane yini noma cha, uzokwazi ukukwenza manje:
- Ngena ngemvume kokuthi studio.youtube.com.
- Kumenyu engakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
- Maka amabhokisi aseceleni kwamavidiyo ongathanda ukuwahlela. Qaphela: Ungawakhetha wonke amavidiyo akho ngokumaka ibhokisi eliseceleni kokuthi “Ividiyo” phezulu ohlwini lwakho lokulayishwayo.
- Khetha okuthi Hlela Izithameli “Yebo, yenzelwe izingane.”
- Khetha okuthi BUYEKEZA AMAVIDIYO.
- Sisebenzisa ukufunda komshini ukusisiza sithole amavidiyo aqondiswe ngokucacile ezithamelini ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngokunembile, kodwa singase sisiphikise isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukumeza.
- Unganciki ezinhlelweni zethu ukuba zikusethele izithameli zakho ngoba izinhlelo zethu kungenzeka zingakuboni okuqukethwe okubhekwa yi-FTC noma ezinye iziphathimandla njengokwenzelwe izingane.
- Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
- Amavidiyo asethwe ngokuthi “enzelwe izingane” cishe azonconywa kanye namanye amavidiyo ezingane.
- Uma usuzihlelile izithameli zakho zevidiyo yakho bese i-YouTube ithola iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe kwathiwa “Isethelwe Kulawo Enzelwe Izingane”. Ngeke ukwazi ukushintsha isethingi yakho yezithameli. Uma ucabanga ukuthi senze iphutha, ungafaka isikhalazo.
Setha izithameli zakho zokusakazwa bukhoma
Setha izithameli zakho lapho usungula ukusakaza okubukhoma
Uma ungaqiniseki ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo.
- Iya ku-studio.youtube.com.
- Ekhoneni elingenhla ngakwesokudla, chofoza isithonjana sokulayisha.
- Chofoza okuthi Yiba bukhoma. Qaphela: Ukuchofoza lokhu kuzokuthumela Egunjini Elibukhoma Lokulawula. Ngeke ukwazi ukusetha izithameli zakho zokusakazwa bukhoma ngamathuluzi okusakaza bukhoma Avamile, ngakho uzodinga ukukwenza usebenzisa Igumbi Elibukhoma Lokulawula.
- Ngemva kokugcwalisa ulwazi oluyisisekelo futhi usukhethe amasethingi obumfihlo, skrola uye kokuthi Izithameli.
- Khetha:
- “Yebo, kwenzelwe izingane.”
- "Cha, akwenzelwe izingane".
- Chofoza Okulandelayo bese uqhubeka nokusetha ukusakaza kwakho okubukhoma.
Buyekeza amasethingi ezithameli zokusakazwa bukhoma osekungene engobweni yomlando
Ungase uphawule ukuthi i-YouTube isisethe okunye okusakazwa bukhoma okusengobweni ngokuthi “kwenzelwe izingane”. Njengoba ubungakabi nethuba lokusetha ukuthi okusakazwa bukhoma kwakho okusengobweni kwenzelwe izingane yini noma cha, uzokwazi ukukwenza manje:
- Ngena ngemvume kokuthi studio.youtube.com.
- Kumenyu engakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
- Chofoza ithebhu ethi Okubukhoma.
- Maka amabhokisi aseceleni kwamavidiyo ongathanda ukuwahlela. Qaphela: Ungawakhetha wonke amavidiyo akho ngokumaka ibhokisi eliseceleni kokuthi “Okusakazwa bukhoma” phezulu ohlwini.
- Khetha okuthi Hlela Izithameli “Yebo, kwenzelwe izingane" uma kungokuqukethwe kwezingane. Noma, khetha okuthi “Cha, akwenzelwe izingane” uma kungekona okuqukethwe kwezingane.
- Khetha okuthi BUYEKEZA AMAVIDIYO.
- Sisebenzisa ukufunda komshini ukusisiza sithole amavidiyo aqondiswe ngokucacile ezithamelini ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngokunembile, kodwa singase sisiphikise isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukumeza.
- Unganciki ezinhlelweni zethu ukuba zikusethele izithameli zakho ngoba izinhlelo zethu kungenzeka zingakuboni okuqukethwe okubhekwa yi-FTC noma ezinye iziphathimandla njengokwenzelwe izingane.
- Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
- Amavidiyo asethwe ngokuthi “enzelwe izingane” cishe azonconywa eceleni kwamanye amavidiyo ezingane.
- Uma usuzihlelile izithameli zakho zevidiyo yakho bese i-YouTube ithola iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe kwathiwa “Isethelwe Kulawo Enzelwe Izingane”. Ngeke ukwazi ukushintsha isethingi yakho yezithameli. Uma ucabanga ukuthi senze iphutha, ungafaka isikhalazo.
Kuthiwani uma okuqukethwe kwakho kusethwe njengokwenzelwe izingane
Sikhawulela ukuqoqwa kwedatha nokusetshenziswa kokuqukethwe okwenzelwe izingane ukuze sithobele umthetho. Lokhu kusho ukuthi sidinga ukukhawulela noma ukukhubaza izakhi ezithile njengamazwana, izaziso, nokunye.
Okubaluleke nakakhulu, asinikezi izikhangiso eziqondaniswe nomuntu siqu kokuqukethwe kwezingane, njengoba kudingekile ngokwe-Children’s Online Privacy Protection Act (i-COPPA) futhi/noma eminye imithetho esebenzayo. Ukunganikezi izikhangiso eziqondaniswe nomuntu siqu kokuqukethwe kwezingane kungase kuholele ekuncipheni kwemali engenayo kwabanye abasunguli abamaka okuqukethwe kwabo njengokwenzelwe izingane. Siyaqaphela ukuthi lokhu ngeke kube lula kwabanye abasunguli, kodwa lezi izinyathelo ezibalulekile okufanele zithathwe ukuqinisekisa ukuthobela i-COPPA neminye imithetho esebenzayo.
Funda ngezansi uhlu lwezakhi ezithintekile:
Uma usetha ividiyo noma ukusakaza bukhoma njengokwenzelwe izinganeUma usetha izithameli zakho njengokuthi “kwenzelwe izingane”, sizokhawulela izakhi ezithile ukuthobela i-Children’s Online Privacy Protection Act (i-COPPA) neminye imithetho esebenzayo. Uma lokhu kwenzeka, izakhi ezilandelayo ngeke zitholakale kumavidiyo ngamanye noma ekusakazeni bukhoma:
- Sungula ngokuzenzekela ekhaya
- Amakhadi noma izikrini zokuphela
- Ama-watermark evidiyo
- Ubulungu Besiteshi
- Amazwana
- Inkinobho yokunikela
- Okuthandwayo nokungathandwa ku-YouTube Music
- Ingxoxo ebukhoma noma iminikelo yengxoxo ebukhoma
- Okuthengiswayo nokukhipha amathikithi
- Insimbi yezaziso
- Ukukhangisa okuqondaniswe nomuntu siqu
- Ukudlala Esidlalini Esincane
- I-Super Chat noma i-Super Stickers
- Londoloza ohlwini lokudlalayo nakokuthi Londoloza ukuze ubuka emuva kwesikhathi
Uma isiteshi sakho senzelwe izingane, amavidiyo wakho noma ukusakaza bukhoma ngeke kube nezakhi ezingenhla. Isiteshi sakho naso ngeke sibe nokulandelayo:
- Ubulungu Besiteshi
- Insimbi yezaziso
- Okuthunyelwe
Imibuzo Evamise Ukubuzwa
Kungani izaziso, amazwana, nezinye izakhi zivaliwe kokuqukethwe kusethwe njengoba kwenzelwe izingane?Ukuze sithobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) neminye imithetho esebenzayo, sikhawulela ukuqoqwa kwedatha kokuqukethwe okuklanyelwe ukuthi kwenzelwe izingane. Ngenxa yalokho, izakhi ezithile zingase zikhawulelwe noma zivalwe kulokhu okuqukethwe, okuhlanganisa izaziso namazwana.
Lezi zinguquko ziyadingeka njengengxenye yesivumelwano ne-US Federal Trade Commission (i-FTC) Nehhovisi Lommeli Omkhulu lase-NY, futhi zizokusiza ukuba uthobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) kanye/noma eminye imithetho esebenzayo. Noma ngabe ukuphi, sifuna ukuba usitshele ukuthi amavidiyo akho enzelwe izingane noma cha. Uma uhluleka ukusetha okuqukethwe kwakho ngendlela enembile ungase ubhekane nezinkinga zokuthobela ze-FTC noma ezinye iziphathimandla, futhi singase sithathele i-akhawunti yakho ye-YouTube isinyathelo. Funda kabanzi mayelana nokuphoqelwa kwe-FTC kwe-COPPA.
Qaphela: Sizosebenzisa futhi ukufunda komshini ukusisiza ukuthi sithole amavidio aqondiswe ngokucacile kwizithameli ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngendela eyiyonayona, kodwa singase sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukunyezwa. Nokho, unganciki kumasistimu wethu ukukusethela izithameli zakho ngoba amasistimu wethu angase angakwazi ukuhlonza okuqukethwe i-FTC nezinye iziphathimandla ezikubheka njengokwenzelwe izingane. Uma ungasethi izithameli zakho njengokwenzelwe izingane ngokunembile, ungase ubhekane nemiphumela yezomthetho noma imiphumela ku-YouTube. Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane noma cha, hlola I-athikhili yeSesikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
Ngeshwa, asikwazi ukunikeza isiqondiso sokuthi usethe kahle yini izithameli zakho njengokwenzelwe izingane, kodwa i-FTC iye yanikeza iziqondiso ezithile zalokho okushiwo ukuba oqondise ezinganeni (noma, “okwenzelwe izingane”). Okwamanje i-FTC icabangela izibuyekezo ezahlukene ze-COPPA, okungase kufake phakathi ukuhlinzeka ngesiqondiso esengeziwe ngale ndaba.
Futhi sizosebenzisa amasistimu okufunda komshini ukuze asisize sithole okuqukethwe okwenzelwe izingane ngokucacile. Kodwa sicela unganciki kumasistimu wethu ukukusethela okuqukethwe -- njengawo wonke amasistimu azenzakalelayo, nawethu anamaphutha. Kungase kudingeke ukuthi sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni lapho sithola khona iphutha noma ukuhlukunyezwa. Ezimweni eziningi, sizoncika kusethingi yezithameli zakho ukunquma ukuthi ividiyo yenzelwe izingane yini.
Uma ungasethi izithameli zakho njengokwenzelwe izingane, futhi i-FTC nezinye iziphathimandla becabanga ukuthi kufanele ngabe kusethiwe, ungase ubhekane nemiphumela engokomthetho. Ngakho bheka lendaba Yesikhungo Sosizo noma ucele iseluleko sezomthetho uma ungaqiniseki ukuthi okuqukethwe kwakho kufanele kusethwe njengokwenzelwe izingane yini noma cha.
Uma ungakasethi izithameli zevidiyo yakho: i-YouTube ingase ikusethele izithameli zakho. Lokho kukusiza ukuthi uthobele i-COPPA futhi/noma eminye imithetho esebenzayo. Nokho, uma ungavumelani nokuthi i-YouTube ikubeke kanjani okuqukethwe kwakho, usengashintsha amasethingi ezethameli zevidiyo ezimweni eziningi.
Uma usuzihlelile vele izethameli zakho zevidiyo yakho: futhi i-YouTube ithola iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe ngokuthi “Imiselwe ukuthi yenzelwe Izingane.” Uma lokhu kwenzeka, ngeke ukwazi ukushintsha amasethingi ezithameli zakho.
Nokho siyaqonda ukuthi kwesinye isikhathi siyawenza amaphutha. Uma ucabanga ukuthi kunjalo, ungafaka isikhalazo ngalesi sinqumo.
Ukuze uqale isikhalazo kukhompyutha yakho:
- Kukhompyutha, iya ku-studio.youtube.com.
- Kumenyu yakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
- Yiya kuvidiyo ofuna ukuyikhalaza.
- Hambisa phezulu kokuthi “Kusethelwe ukuthi kwenzelwe izingane” bese uchofoza Isikhalazo.
- Faka isizathu sakho sokufaka isikhalazo bese uchofoza okuthi Thumela.
Ukuze uqale isikhalazo efonini yakho:
- Vula i-app ye-YouTube Studio .
- Thepa Imenyu Amavidiyo.
- Kuthebhu ethi Okulayishiwe, thepha ividiyo ofuna ukuyikhalaza.
- Ngaphansi Kwemikhawulo, thepha okuthi Setha ku- Okwenzelwe izingane.
- Thepha okuthi Faka isikhalazo bese ufaka isizathu sakho sokufaka isikhalazo.
- Thepha okuthi Hambisa.
Ngemva kokuhambisa kwakho isikhalazo
Uzothola i-imeyili evela ku-YouTube ekwazisa ngomphumela wesicelo sakho sesikhalazo. Kuzokwenzeka okukodwa kwalokho okulandelayo:
- Uma isikhalazo sakho siphumelela, sizosusa amasethingi ezethameli ezenzelwe izingane.
- Uma isikhalazo sakho singaphumeleli, amasethingi ezethameli ezenzelwe izingane azohlala kokuqukethwe kwakho. Kusukela manje kuye phambili, sicela ubuyekeze isiteshi sakho kanye/noma amasethingi ezithameli evidiyo ngayinye. Ukwehluleka ukusetha izithameli zakho ngendlela efanele kungase kuphumele emiphumeleni yomthetho ngaphansi kwe-COPPA kanye/noma eminye imithetho, noma imiphumela enkundleni ye-YouTube.
Ungakhalaza ngevidiyo ngayinye kanye nje kuphela.