Setha isiteshi sakho noma izethameli zevidiyo

Noma ngabe ukuphi, ngokomthetho kudingeka uthobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi kanye/noma eminye imithetho. Kudingeka usitshele ukuthi amavidiyo wakho enzelwe izingane uma wenza okuqukethwe kwezingane.

Njengomdali we-YouTube, kudingeka ukuthi usethe amavidiyo wesikhathi esizayo nakhona kakade ngokuthi kwenzelwe izingane noma cha. Ngisho nabasunguli abangenzi okuqukethwe kwezingane kufanele basethe izithameli zabo. Lokhu kuzosiza ukuqinisekisa ukuthi sinikeza izakhi ezifanelekile kokuqukethwe kwakho.

Important Update for All Creators: Complying with COPPA

Ukuze sikusize uthobele, kunamasethingi ezethameli enzelwe izingane ku-YouTube Studio. Ungasetha izithameli zakho:

  • Kuleveli yesiteshi, ezosetha konke okuqukethwe kwakho kwesikhathi esizayo nokukhona kakade njengokwenzelwe izingane noma cha.
  • Noma, kuleveli yevidiyo. Uma ukhetha lokhu okukhethwa kukho, kuzodingeka ukuthi usethe ividiyo ngayinye ekhona kakade neyesikhathi esizayo njengeyenzelwe izingane noma cha.

Qaphela:

  • Sizokwenza ithuluzi lokukhetha izethameli litholakale ezicelweni zezinkampani zangaphandle kanye Namasevisi e-YouTube API maduze nje. Okwamanje, sicela usebenzise i-YouTube Studio ukuze ulayishe okuqukethwe okwenzelwe izingane.

Okubalulekile: Kungani umsunguli ngamunye kufanele asethe izithimeli zakhe

Lezi zinguquko ziyadingeka njengengxenye yesivumelwano ne-US Federal Trade Commission (i-FTC) Nehhovisi Lommeli Omkhulu lase-NY, futhi zizokusiza ukuba uthobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) kanye/noma eminye imithetho esebenzayo. Noma ngabe ukuphi, sifuna ukuba usitshele ukuthi amavidiyo akho enzelwe izingane noma cha. Uma uhluleka ukusetha izithameli zakho ngendlela enembile ungase ubhekane nezinkinga zokuthobela i-FTC noma ezinye iziphathimandla, futhi singase sithathele i-akhawunti yakho ye-YouTube isinyathelo. Funda kabanzi mayelana nokuphoqelelwa kwe-FTC kwe-COPPA.

Amanothi ambalwa:
  • Sisebenzisa ukufunda komshini ukusisiza ukuthi sithole amavidiyo aqondiswe ngokucacile kwizithameli ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngendela eyiyonayona, kodwa singase sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukunyezwa.
  • Unganciki ezinhlelweni zethu ukuze usethe izithameli zakho ngoba izinhlelo zethu kungenzeka zingakuboni okuqukethwe yi-FTC noma ezinye iziphathimandla ezikubheka njengokwenzelwe izingane.
  • Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
  • Amavidiyo asethwe ngokuthi “enzelwe izingane” cishe azonconywa eceleni kwamanye amavidiyo ezingane.
  • Uma usuzihlelile vele izithameli zakho zevidiyo yakho futhi i-YouTube ibona iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe njengokuthi “Imiselwe Ukuba Yenzelwe Izingane”. Ngeke ukwazi ukushintsha isethingi yakho yezithameli. Ngicabanga ukuthi senze iphutha, ungafaka isikhalazo.

Setha izithameli zevidiyo yakho

Ungasetha amavidiyo ngamanye njengenzelwe izingane. Khetha lokhu kuphela uma amanye amavidiyo akho enzelwe izingane. Uma ungaqiniseki ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo.

Buyekeza amasethingi ezithameli kumavidiyo akhona

Ungase uphawule ukuthi i-YouTube isiwasethile amavidiyo athile ukuthi “enzelwe izingane”. Njengoba ungakabi nethuba lokusetha ukuthi amavidiyo akho enzelwe izingane yini noma cha, uzokwazi ukukwenza manje:

I-app ye-YouTube Studio ye-Android

  1. Vula i-app ye-YouTube Studio .
  2. Kumenyu engezansi, thepha okuthi Okuqukethwe 
  3. Khetha ividiyo ofuna ukuyihlela.
  4. Thepha okuthi Hlela .
  5. Thepha Izithameli. Khetha okuthi Yebo, kwenzelwe izingane noma Cha, akwenzelwe izingane ukuze ukhethe izithameli zakho. Uma ungenasiqiniseko, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo.
  6. Thepha Londoloza.

I-app ye-YouTube Android

  1. Vula i-app ye-YouTube .
  2. Thepha isithombe sakho sephrofayela .
  3. Ngezansi, thepha okuthi Amavidiyo akho.
  4. Eceleni kwevidiyo ongathanda ukuyihlela, thepha Okwengeziwe  bese Hlela.
  5. Thepha Izithameli. Khetha okuthi Yebo, kwenzelwe izingane noma Cha, akwenzelwe izingane ukuze ukhethe izithameli zakho. Uma ungenaqinisekiso, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo.
  6. Thepha Londoloza.

Setha izithameli zakho zokusakazwa bukhoma

Setha izithameli zakho lapho usungula ukusakaza okubukhoma

Uma ungaqiniseki ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo.

I-app ye-YouTube Android

  1. Setha ukusakaza bukhoma wakho.
  2. Thepha Izithameli. Khetha okuthi Yebo, kwenzelwe izingane noma Cha, akwenzelwe izingane ukuze ukhethe izithameli zakho.
  3. Thepha Okulandelayo ukuze uqhubeke nokusetha ukusakaza kwakho okubukhoma.

Buyekeza amasethingi ezithameli zokusakazwa bukhoma osekungene engobweni yomlando

Uma uhlola okusakazwa bukhoma kwakho okusengobweni, ungase uphawule ukuthi i-YouTube isiwasethile amanye amavidiyo ukuthi “enzelwe izingane”. Njengoba ubungakabi nethuba lokusetha ukuthi okusakazwa bukhoma kwakho okusengobweni kwenzelwe izingane yini noma cha, uzokwazi ukukwenza manje:

I-app ye-YouTube Studio ye-Android

  1. Vula i-app ye-YouTube Studio .
  2. Kumenyu engezansi, thepha okuthi Okuqukethwe 
  3. Khetha ividiyo ofuna ukuyihlela.
  4. Thepha okuthi Hlela .
  5. Thepha Izithameli. Khetha okuthi Yebo, kwenzelwe izingane noma Cha, akwenzelwe izingane ukuze ukhethe izithameli zakho.
  6. Thepha Londoloza.
Amanothi ambalwa
  • Sisebenzisa ukufunda komshini ukusisiza sithole amavidiyo aqondiswe ngokucacile ezithamelini ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngokunembile, kodwa singase sisiphikise isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukumeza. 
  • Unganciki ezinhlelweni zethu ukuba zikusethele izithameli zakho ngoba izinhlelo zethu kungenzeka zingakuboni okuqukethwe okubhekwa yi-FTC noma ezinye iziphathimandla njengokwenzelwe izingane. 
  • Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane yini noma cha, hlola le athikili yeSikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.
  • Amavidiyo asethwe nguwe ukuthi “enzelwe izingane” anamathuba engeziwe okunconywa kanye namanye amavidiyo ezingane.
  • Uma usuzihlelile vele izithameli zakho zevidiyo yakho futhi i-YouTube ibona iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe njengokuthi “Imiselwe Ukuba Yenzelwe Izingane”. Ngeke ukwazi ukushintsha amasethingi akho ezithameli. Ngicabanga ukuthi senze iphutha, ungafaka isikhalazo.

Kuthiwani uma okuqukethwe kwakho kusethwe njengokwenzelwe izingane

Sikhawulela ukuqoqwa kwedatha nokusetshenziswa kokuqukethwe okwenzelwe izingane ukuze sithobele umthetho. Lokhu kusho ukuthi sidinga ukukhawulela noma ukukhubaza izakhi ezithile njengamazwana, izaziso, nokunye.

Okubaluleke nakakhulu, asinikezi izikhangiso eziqondaniswe nomuntu siqu kokuqukethwe kwezingane, njengoba kudingekile ngokwe-Children’s Online Privacy Protection Act (i-COPPA) futhi/noma eminye imithetho esebenzayo. Ukunganikezi izikhangiso eziqondaniswe nomuntu siqu kokuqukethwe kwezingane kungase kuholele ekuncipheni kwemali engenayo kwabanye abasunguli abamaka okuqukethwe kwabo njengokwenzelwe izingane. Siyaqaphela ukuthi lokhu ngeke kube lula kwabanye abasunguli, kodwa lezi izinyathelo ezibalulekile okufanele zithathwe ukuqinisekisa ukuthobela i-COPPA neminye imithetho esebenzayo.

Funda ngezansi uhlu lwezakhi ezithintekile:

Uma usetha ividiyo noma ukusakaza bukhoma njengokwenzelwe izingane

Uma usetha izithameli zakho njengokuthi “kwenzelwe izingane”, sizokhawulela izakhi ezithile ukuthobela i-Children’s Online Privacy Protection Act (i-COPPA) neminye imithetho esebenzayo. Uma lokhu kwenzeka, izakhi ezilandelayo ngeke zitholakale kumavidiyo ngamanye noma ekusakazeni bukhoma:

  • Sungula ngokuzenzekela ekhaya
  • Amakhadi noma izikrini zokuphela
  • Ama-watermark evidiyo
  • Ubulungu Besiteshi
  • Amazwana
  • Inkinobho yokunikela
  • Okuthandwayo nokungathandwa ku-YouTube Music
  • Ingxoxo ebukhoma noma iminikelo yengxoxo ebukhoma
  • Okuthengiswayo nokukhipha amathikithi
  • Insimbi yezaziso
  • Ukukhangisa okuqondaniswe nomuntu siqu
  • Ukudlala Esidlalini Esincane
  • I-Super Chat noma i-Super Stickers
  • Londoloza ohlwini lokudlalayo nakokuthi Londoloza ukuze ubuka emuva kwesikhathi
Uma usetha isiteshi sakho njengesenzelwe izingane

Uma isiteshi sakho senzelwe izingane, amavidiyo wakho noma ukusakaza bukhoma ngeke kube nezakhi ezingenhla. Isiteshi sakho naso ngeke sibe nokulandelayo: 

  • Ubulungu Besiteshi
  • Insimbi yezaziso
  • Okuthunyelwe

Imibuzo Evamise Ukubuzwa

Kungani izaziso, amazwana, nezinye izakhi zivaliwe kokuqukethwe kusethwe njengoba kwenzelwe izingane?

Ukuze sithobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) neminye imithetho esebenzayo, sikhawulela ukuqoqwa kwedatha kokuqukethwe okuklanyelwe ukuthi kwenzelwe izingane. Ngenxa yalokho, izakhi ezithile zingase zikhawulelwe noma zivalwe kulokhu okuqukethwe, okuhlanganisa izaziso namazwana.

Kuthiwani uma ngisetha izithameli zevidiyo yami ngendlela engalungile?

Lezi zinguquko ziyadingeka njengengxenye yesivumelwano ne-US Federal Trade Commission (i-FTC) Nehhovisi Lommeli Omkhulu lase-NY, futhi zizokusiza ukuba uthobele Umthetho Wokuvikelwa Kobumfihlo Bezingane Ku-inthanethi (i-COPPA) kanye/noma eminye imithetho esebenzayo. Noma ngabe ukuphi, sifuna ukuba usitshele ukuthi amavidiyo akho enzelwe izingane noma cha. Uma uhluleka ukusetha okuqukethwe kwakho ngendlela enembile ungase ubhekane nezinkinga zokuthobela ze-FTC noma ezinye iziphathimandla, futhi singase sithathele i-akhawunti yakho ye-YouTube isinyathelo. Funda kabanzi mayelana nokuphoqelwa kwe-FTC kwe-COPPA.

Qaphela: Sizosebenzisa futhi ukufunda komshini ukusisiza ukuthi sithole amavidio aqondiswe ngokucacile kwizithameli ezincane. Siyethemba ukuthi uzosetha izithameli zakho ngendela eyiyonayona, kodwa singase sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni zamaphutha noma zokuhlukunyezwa. Nokho, unganciki kumasistimu wethu ukukusethela izithameli zakho ngoba amasistimu wethu angase angakwazi ukuhlonza okuqukethwe i-FTC nezinye iziphathimandla ezikubheka njengokwenzelwe izingane. Uma ungasethi izithameli zakho njengokwenzelwe izingane ngokunembile, ungase ubhekane nemiphumela yezomthetho noma imiphumela ku-YouTube. Uma udinga usizo lokunquma ukuthi okuqukethwe kwakho kwenzelwe izingane noma cha, hlola I-athikhili yeSesikhungo Sosizo noma uxhumane nomeluleki wezomthetho.

Ngazi kanjani uma ngisethe izithameli zevidiyo yami ngendlela elungile?

Ngeshwa, asikwazi ukunikeza isiqondiso sokuthi usethe kahle yini izithameli zakho njengokwenzelwe izingane, kodwa i-FTC iye yanikeza iziqondiso ezithile zalokho okushiwo ukuba oqondise ezinganeni (noma, “okwenzelwe izingane”). Okwamanje i-FTC icabangela izibuyekezo ezahlukene ze-COPPA, okungase kufake phakathi ukuhlinzeka ngesiqondiso esengeziwe ngale ndaba.

Futhi sizosebenzisa amasistimu okufunda komshini ukuze asisize sithole okuqukethwe okwenzelwe izingane ngokucacile. Kodwa sicela unganciki kumasistimu wethu ukukusethela okuqukethwe -- njengawo wonke amasistimu azenzakalelayo, nawethu anamaphutha. Kungase kudingeke ukuthi sikhiphe isinqumo sesethingi yezithameli zakho ezimweni lapho sithola khona iphutha noma ukuhlukunyezwa. Ezimweni eziningi, sizoncika kusethingi yezithameli zakho ukunquma ukuthi ividiyo yenzelwe izingane yini.

Uma ungasethi izithameli zakho njengokwenzelwe izingane, futhi i-FTC nezinye iziphathimandla becabanga ukuthi kufanele ngabe kusethiwe, ungase ubhekane nemiphumela engokomthetho. Ngakho bheka lendaba Yesikhungo Sosizo noma ucele iseluleko sezomthetho uma ungaqiniseki ukuthi okuqukethwe kwakho kufanele kusethwe njengokwenzelwe izingane yini noma cha.

Kuthiwani uma i-YouTube ithi ividiyo yami yenzelwe izingane, kodwa ngingavumelani nalokho?

Uma ungakasethi izithameli zevidiyo yakho: i-YouTube ingase ikusethele izithameli zakho. Lokho kukusiza ukuthi uthobele i-COPPA futhi/noma eminye imithetho esebenzayo. Nokho, uma ungavumelani nokuthi i-YouTube ikubeke kanjani okuqukethwe kwakho, usengashintsha amasethingi ezethameli zevidiyo ezimweni eziningi.

Uma usuzihlelile vele izethameli zakho zevidiyo yakho: futhi i-YouTube ithola iphutha noma ukuhlukumeza, ungase ubone ividiyo yakho isethwe ngokuthi “Imiselwe ukuthi yenzelwe Izingane.” Uma lokhu kwenzeka, ngeke ukwazi ukushintsha amasethingi ezithameli zakho.

Nokho siyaqonda ukuthi kwesinye isikhathi siyawenza amaphutha. Uma ucabanga ukuthi kunjalo, ungafaka isikhalazo ngalesi sinqumo.

 Ukuze uqale isikhalazo kukhompyutha yakho:

  1. Kukhompyutha, iya ku-studio.youtube.com.
  2. Kumenyu yakwesobunxele, khetha Okuqukethwe.
  3. Yiya kuvidiyo ofuna ukuyikhalaza.
  4. Hambisa phezulu kokuthi “Kusethelwe ukuthi kwenzelwe izingane” bese uchofoza Isikhalazo.
  5. Faka isizathu sakho sokufaka isikhalazo bese uchofoza okuthi Thumela.

Ukuze uqale isikhalazo efonini yakho:

  1. Vula i-app ye-YouTube Studio .
  2. Thepa Imenyu bese Amavidiyo.
  3. Kuthebhu ethi Okulayishiwe, thepha ividiyo ofuna ukuyikhalaza.
  4. Ngaphansi Kwemikhawulo, thepha okuthi Setha ku- Okwenzelwe izingane.
  5. Thepha okuthi Faka isikhalazo bese ufaka isizathu sakho sokufaka isikhalazo.
  6. Thepha okuthi Hambisa.

Ngemva kokuhambisa kwakho isikhalazo

Uzothola i-imeyili evela ku-YouTube ekwazisa ngomphumela wesicelo sakho sesikhalazo. Kuzokwenzeka okukodwa kwalokho okulandelayo:

  • Uma isikhalazo sakho siphumelela, sizosusa amasethingi ezethameli ezenzelwe izingane.
  • Uma isikhalazo sakho singaphumeleli, amasethingi ezethameli ezenzelwe izingane azohlala kokuqukethwe kwakho. Kusukela manje kuye phambili, sicela ubuyekeze isiteshi sakho kanye/noma amasethingi ezithameli evidiyo ngayinye. Ukwehluleka ukusetha izithameli zakho ngendlela efanele kungase kuphumele emiphumeleni yomthetho ngaphansi kwe-COPPA kanye/noma eminye imithetho, noma imiphumela enkundleni ye-YouTube.

Ungakhalaza ngevidiyo ngayinye kanye nje kuphela.

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?
Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
3960514651782864776
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
59
false
false