Asizivumeli izinhlelo zokusebenza noma ama-akhawunti kanjiniyela:
- azenza noma yimuphi omunye umuntu noma inhlangano, noma ahlanekezela amaqiniso noma afihla ubunikazi bawo noma injongo eyinhloko.
- abandakanyeka emsebenzini ohleliwe wokudukisa abasebenzisi. Lokhu kufaka, kodwa akukhawulelwe, kuzinhlelo zokusebenza noma ama-akhawunti ahlanekezela noma afihla izwe adabuka kulo noma lawo nalawo aqondisa okuqukethwe kubasebenzisi kwelinye izwe.
- ezixhumana nezinye izinhlelo zokusebenza, amasayithi, onjiniyela, noma amanye ama-akhawunti ukuze zifihle noma zihlanekezele amaqiniso ngonjiniyela noma ukwaziwa kohlelo lokusebenza noma eminye imininingwane ebalulekile, lapho okuqukethwe kuhlelo lokusebenza kuhlobana nepolitiki, izinkinga zomphakathi noma izindaba eziphathelene nalokho okukhathaza umphakathi.