Ukuzenza ongeyena

Asivumeli izinhlelo zokusebenza ezilahlekisa abasebenzisa ngokuzenza omunye umuntu ezingeyena (isb. omunye unjiniyela, inkampani, ibhizinisi) noma olunye uhlelo lokusebenza.  Ungasikiseli ukuthi uhlelo lwakho lokusebenza luhlobene noma lugunyazwe umuntu elingeyena.  Qaphela ukuthi ungasebenzisi izithonjana zohlelo lokusebenza, izihloko, nona izici zangaphakathi nohlelo lokusebenza ezingase zilahlekise abasebenzisi mayelana nobudlelwano bohlelo lwakho lokusebenza nothile noma nolunye uhlelo lokusebenza.
 

Izibonelo zokwephulwa okuvamile

  • Onjiniyela abasikisela amanga ubudlelwano nenye inkampani / unjiniyela / ibhizinisi / inhlangano.

    ① Igama likanjiniyela elisohlwini kule app liphakamisa ubudlelwano obusemthethweni ne-Google, ngisho noma ubudlelwano bungekho.

  • Ama-app izithonjana nezihloko zawo ezisho ubudlelwano obungekho nenye inkampani / unjiniyela / ibhizinisi / inhlangano.

    ①I-app isebenzisa uphawu lukazwelonke futhi idukisa abasebenzisi ukuthi bakholelwe ukuthi isebenzisana nohulumeni.
    ②I-app ikopisha ilogo yebhizinisi ukuze iphakamise ngokungamanga ukuthi iyi-app esemthethweni yebhizinisi.

  • Izihloko ze-app nezithonjana ezifanayo nalezo zemikhiqizo ekhona noma amasevisi ezingalahlekisa abasebenzisi.


    ①I-app isebenzisa ilogo yewebhusayithi ye-cryptocurrency edumile kusithonjana se-app yayo ukuphakamisa ukuthi iyiwebhusayithi esemthethweni.
    ②I-app ikopisha umlingisi nesihloko somdlalo we-TV odumile kusithonjana se-app yayo futhi idukisa abasebenzisi ukuthi bacabange ukuthi isebenzisana nohlelo lwe-TV.

  • Ama-app aqamba amanga ngokuthi ayi-app esemthethweni yebhizinisi eliqalisiwe. Izihloko ezifana nokuthi “Justin Bieber Official” azivunyelwe ngaphandle kwezimvume ezidingekayo noma amalungelo.

  • Ama-app aphula Imihlahlandlela Yohlobo lwe-Android.

Ingabe lokhu kube usizo?

Singayithuthukisa kanjani?

Udinga usizo olungaphezulu?

Zama lezi zinyathelo ezilandelayo:

Sesha
Sula usesho
Vala usesho
Imenyu eyinhloko
11188544010137556896
true
Sesha isikhungo sosizo
true
true
true
true
true
92637
false
false